Ukapteni we-Arsenal uMartin Odegaard ubona kuzoba nzima ukuthi banqobe isicoco sePremier League manje kulandela ukubhaxabulwa yiBrighton ngo 3-0 e-Emirates Stadium ngeSonto ntambama.

IBrighton ibukise nge-Arsenal kulo mdlalo okucacele ngisho ingane ukuthi uDe Zerbi umxebulile ngamaqhinga uMikel Arteta.

Ekhuluma ngemuva komdlalo u-Odegaard uthe noma kusangenzeka bayinqobe ileague, kuzoba nzima kakhulu manje.

“Angiboni ukuthi sisazosinqoba. Kuzoba nzima kakhulu manje uma ngikhuluma iqiniso. Siphoxekile futhi asinathemba lokunqoba njengamanje.”

Nomqeqeshi wakhe u-Arteta uthe noma ngokwezibalo kusangenzeka, akakholwa ukuthi basangasinqoba isicoco njengoba iMan City ihamba phambili ngamaphuzu amane futhi inomdlalo esandleni.