Abaphathi beKaizer Chiefs bagcine beshicilele isitatimende izolo ngokuhlaselwa komqeqeshi weqembu, u-Arthur Zwane, eRoyal Bafokeng Stadium ngempelasonto.

Ngokwesitatimende seChiefs, uZwane akalimalanga futhi akadinga ngisho ukuyiswa kudokotela ngemuva kwale sigameko esigxekiwe.

“Siyakuqonda ukuphoxeka kwabalandeli ngemiphumela kodwa indlela abantu abazwakalisa ukungenami kwabo asihambisani nayo. Siyacela kubalandeli ukuthi bangathathi ngodlame uma benganeme.

“Njengoba silungiselela umdlalo wokughcina, sicela abalandeli baMakhosi ukuthi baphume ngobuningi babo bezokwezseka iqembu nomqeqeshi ukuze sizovala isizini ngestayela. Abadlali ne-technical team benza konke okusemandleni, ngakho asibeseke.”

IChiefs izobhekana neCape Town City FC ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eFNB Stadium.