Uhluleke nokufihla ukuphoxeka nokucasuka umqeqeshi weChelsea uMauricio Pochettino okhalaze ngokuboza kwezakhe ezinenebulwe yiNewcastle United ngo 4-1 kwiPremier League ngempelasonto.
IChelsea ize kulomdlalo ihambela phezulu ngemuva kokubuya nemiphumela emihle ibhekene neTottenham Hotspurs neManchester City emasontweni adlule.
EzikaPochettino zishaye udaka esiwombeni sesibili zingenelwa amagoli amathathu, nokaputeni uReece James wakhishwa ngekhadi elibomvu.
“Sibozile ukudlula yonke imidlalo kulesizini. Sihlulekile ukulwela ibhola. Bekungabonakali nemizamo esiyenzayo. Lokho kungiphoxile kakhulu. Kufanele sifunde kulemidlalo. Kudingeka sikhombise ukuqina ukhakhayi,” kuchaza uPochettino ekhuluma nabeBBC Sport.
UPochettino ubehleli nababukeli eSt James Park ngenxa yokudonsa isigwebo samakhadi.
“Bekuyithuba lokukhombisa izinga lethu. Sibuye nemiphumela emihle kwiTottenham neChelsea. Sishaye udaka namuhla. Bekunzima ukubukela umdlalo ngihleli nezethameli. Angeke ngikhalaze ngomphumela ngoba sihlulekile ukufunda umdlalo,” kusho uPochettino.
Morning! 🤩 pic.twitter.com/FDXBnK6PGa
— Newcastle United FC (@NUFC) November 26, 2023
Umqeqeshi weNewcastle u-Eddie Howe ubeke onozinti abathathu ebhentshini. Leliqembu libhekene nesambane sokulimala kwabadlali abangu-13.
“INewcastle ibeke onozinti abathathu ebhentshini kodwa sihlulekile ukuyithwalisa ubunzima. Asikhombisanga ukubaluleka komdlalo,” kuchaza lomqeqeshi.