Owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uRuud Krol useluleke leli qembu ngokumele likwenze ukuze lizoqhudelana neMamelodi Sundowns embangweni wesicoco ngesizini ezayo.
IPirates igcine ukunqoba iligi ngo-2010/2011 isaholwa nguye uKrol owanqoba nezinye izinkomishi ezimbili ngaleyo sizini.
Kusukela ngalowo nyaka, iPirates isizwa ngendaba isicoco seligi noma isanenduku kweminye imiqhudelwano njengeMTN8 neNedbank Cup.
Engxoxweni ne-IOL, uKrol uveze okubalulekile okumele kwenziwe Ezimnyama ngesizini ezayo.
“Ngisikhathi ngesebenza noDr Khoza engashesha ngakufunda wukuthi iligi ibalulekile. Ngingasho okufanayo nangabalandeli beqembu.
“Nabo bakukhumbule nokudlala kwiCAF Champions League. Ngesizini ezayo uma iPirates ingagcina igiya eqala ngalo uma kusanda kuqala isizini, izoba sethubeni elihle lokunqoba iligi,” usho kanje.
Uphinde weluleka abalandeli beqembu ukuthi bangamjahi uRiveiro, babekezele, ngoba ubukeka ezosidla isicoco seligi uma enikezwa isikhathi.
Ebuzwa ngikwamxosha kwiPirates, ucele ukungaphawuli ngoba akathandi ukukhuluma ngezinto zakudala namhlanje.
UKrol akanaqembu selokhe anqobe iKuwait Premier League neKuwait SC ngo-2020
Ngaphandle kwePirates neKuwait, usenqobe iligi eqeqesha i-Esperance de Tunis nakwiCS Sfaxien.