IMamelodi Sundowns izimisele ngokudayisa noma ibolekise ngoKermit Erasmus njengoba lisavuliwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
IRoyal AM, Cape Town City kanye naMaZulu bazimisele ngokusayinisa u-Erasmus kodwa sebehlangabezane nenkulu inkinga njengoba lomdlali ehola itshe lemali eChloorkop.
IGibela Sport isihabule ngemithombo yayo ukuthi iSundowns iyanqaba ukusayina isivumelwano sokuholela lomdlali uma izombolekisa.
IDowns incamela ukumgcina u-Erasmus abe yingxenye yeqembu kulesizini.
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates yiwona kuphela amaqembu angakwazi ukuholela lomgadli imali ayithola kwiDowns. Womabili lamaqembu awakazami ukusayinisa lomgadli.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali lizovalwa ngomhlaka 22 kuSepthemba.