Obengumqeqeshi weMoroka Swallows, uSteve Komphela, uthi ubeqala ngqa ukubhekana nezinye zezinkinga azibone kwiDube Birds kule sizini futhi zigcine sezimphendula umakhalanjalo zamakhela nezitha. UKomphela neSwallows bagcine beqoke ukuhlukana, okuyinto eqinisekiswe kuleli sonto.
UKomphela, obekhuluma no-Andile Ncube, uthi wazama ukucebisa abaphathi beSwallows ngezindlela zokuhlelela isizini ngokunjalo nokuqinisekisa ukuthi abashayeki ephaketheni.
Uthi into ebimcika kakhulu bekuwukusebenza ngaphansi kwemenenja yeqembu ebihlulwa wumsebenzi. Uthe izinto azithatha njengezilula, le menenja ibihluleka ukuzihlela. Uthi bekunobuhlathi ngaphambi kwemidlalo, izinto zingenziwa ngendlela.
“Uma unikeza umuntu isikhundla uthi akaphathe iqembu, akhombise ukuthi uyahluleka, kumele uthole indlela yokumsusa. Uma ungamsusi, aqhubeke nokwenza izinto ngendlela yakhe engakhombisi inqubekela phambili…ugcina usuzibuza ukuthi ngabe akwenziwa yini ngamabomu.”
UKomphela uthi iSwallows imphendule umakhala njalo ngenxa yezinkinga abebhekana nazo nsuku zonke. Uthi ugcine esezakhela izitha kwiDube Birds.
Buka ivideo ubone okunye akushilo ngezinkinga abhekene nazo:
๐๏ธ ๐ฎ๐ ๐๐๐๐ ๐ฉ๐พ๐๐ฝ๐ ๐๐๐ ๐๐พ๐ป๐พ๐๐น ๐๏ธ
— SABC Sport (@SABC_Sport) February 21, 2024
๐ฃ๏ธ "You are literally exploding and moving the boundaries of your budget"
Coach Steve Komphela says he tried to advice Moroka Swallows management on how to navigate their financial difficulties. #SABCSportFootball pic.twitter.com/fMRGWXnCwV