Umqeqeshi waMaZulu uPablo ‘Cijimpi’ Martin uthi ikhefu le-African Cup of Nations lithikameze umgqigqo weqembu njengoba liqale ngegiya eliphansi emdlalweni weligi ngoMgqibelo.
UCijimpi ubeke lesi sikhalo ngaphambi komdlalo weNedbank Cup abazowudlala nomkhaya iRoyal AM eKing Zwelithini Stadium ngoLwesine ebusuku.
Lomqeqeshi ukholwa ukuthi ezakhe zisemuva kakhulu ngokwezinga uma eqhathaniswa nangesikhathi ingakaqali i-AFCON.
Usuthu lubanjwe ngenduku ngoMgqibelo, luhlulwa iCape Town Spurs ngo 3-1 koweligi e-Athlone Stadium.
“Inkinga esinayo eyokuthi izinga leqembu lehlile njengoba sibuya ekhefini. Lomdlalo ozayo ubaluleke kakhulu ngoba sihlalelwe ukubhekana neMamelodi Sundowns ngoLwesibili.
Ngibona sizobuyelwa umgqigqo uma singafinyelela kwi-last 16. Sizowathola amathuba okushaya amagoli njengoba kwenzeka kwiCarling Knockout.
Sizoqhubekela phambili uma sizokwazi ukusebenzisa amathuba. Izinga lethu lizobuya maduzane, kufanele sizimisele njengoba bekwenzeka kumzuliswano wokuqala kulesizini. Alikho iqembu esilisabayo kwiligi,” kuchaza uCijimpi ekhuluma nabezindaba.
Lomqeqeshi uthi kufanele balungele ukufinyelela kwi-extra time noma emaphenathini ngoba badlala kowomkhumulajezi.
“Umoya uphansi ekhempini, kufanele siqonde ukuthi lomdlalo ungowomkhumulajezi, akukho ukubuyela emuva. Lomdlalo kungenzeka uphele emizuzwini engu-120 noma kufikwe emaphenathini.
Sizokwenza okusemandleni ukuze sizowina ekugcineni. Silwela ukubuyela ezingeni lethu. Kufanele sibhekane neqiniso lokuthi AmaZulu ayiqembu elingcono uma ubuka indlela iqembu ebelihleleke ngakhona ezinyangeni ezedlule.
Kuzokwenzeka ingavumi imiphumela kodwa kudingeka siqhubeke nokulwela ukuba ngcono,” kuchaza uCijimpi.