Umqeqeshi weLa Masia uDaine Klate uthi ubuye nezifundiso ezibalulekile yize belotsholwe yiMamelodi Sundowns ngo 6-1 kwiNedbank Cup ngoLwesibili.
ILa Masia ayilibonanga elidlalayo eDobsonville Stadium njengoba kuyiwe ekhefini ilandela emuva ngo 4-1. Igoli leLa Masia lishaywe uFuad Johnson okube yiphenathi.
“Kuningi engikufunde kulomdlalo. Engikubone namuhla akwenzeki kwiligi esidlala kuyona. Ukushesha kweSundowns nezinga labo bekubonakala uma sebengene ebhokisini.
“Besinamawala kwezinye izikhathi, besiyifaka ingcindezi kwizitobha zeSundowns kodwa besihluleka uma sebekwazile ukweqa inkundla. Bekufanele sehlise umoya uma simaka, esinye sesifundo engisitholile namuhla.
“Bekufuneka siqinise ekuvaleni izikhala, singaxhamazeli emuva. Bekumele silinde ukuwina ibhola ngoba besiyifaka ingcindezi kwizitobha. Siyekile ukufaka umoya esiswini.
“Bekwenzeka siqhele kakhulu ebhokisini uma simaka. Uma kwenzeka ibhola lihlala kumdlali weSundowns, besizithola sisenkingeni ngoba besingekho isikhathi sokuhlehla siyovala emuva. Sifunde kakhulu namuhla.
“Ngiyayibongela iSundowns. Siyayivuma induku ngoba asikho ezingeni layo. Sizofunda kulomdlalo,” kuchaza uKlate ecashunwa abeSuperSport TV.
UKlate uthi basazama ukujwayela isigaba esiphezulu njengoba iLa Masia ihlanganisa isizini yesibili kuMotsepe Foundation Championship.
“Iqembu lizoqeda isizini yesibili esigabeni esiphansi. Kusadingeka sicijeke ngokwebhola. Abadlali bebengakaze bebhekane neqembu elisezingeni leSundowns.
Izinga leSundowns liyabonakala, abagadli bayo bayakwazi ukuthatha izinqumo eziphusile ebhokisini. Kufanele sikufunde nalokho ngoba sinenkinga yokushaya amagoli kwiligi.
Siyakwazi ukuqala ibhola emuva, sifake nengcindezi kodwa sinenkinga yokuthatha izinqumo ezihlakaniphile phambi kwepali. Kufanele sifunde kwiSundowns,” kuchaza uKlate.