UKapteni wamaSpringboks, uSiya Kolisi (32) usephumele obala waveza ukuthi usazimisele ngokuqhubeka adlalele iqembu lesizwe noma esezodlalela iqembu elizinze eFrance.

UKolisi uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngemuva kokutheleka kompetha bomhlaba e-OR Tambo ngoLwesibili ekuseni.

“Ngisafuna ukuqhubeka ngimele izwe. Akusho lutho ukuthi ngizoqhubeka ngiwukapteni noma cha ngoba baningi abaholi kumaBoks, kuyimanje nje ngihlezi nabanye abaholi.”

Lo mdlali ubonge abantu baseNingizimu Afrika ngokubeseka kule ndebe yomhlaba waveza ukuthi empeleni babehlose ukuqala ukunqoba indebe yoMhlaba yango-2023 ngesikhathi bezithola sebewina eyango-2019. Uthe baqhubekile bayilwela le ngoba bebefuna ukuyiwinela abantu bakuleli.

UKolisi uzodlalela iqembu elidlala kwiTop 14 laseFrance, iRacing 92

AmaSpringboks ahanjelwe yinqwaba yezethameli ngoLwesibili e-OR Tambo. Asaya ePretoria namhlanje. NgoLwesine azoya eSoweto ayivale eFNB Stadium. NgoLwesihlanu aya eCape Town bese edlulela eThekwini ngoMgqibelo (4 November). NgeSonto azovakashela iGqeberha.