Uhambe ePitoli ekhala ngethimba leVAR umqeqeqeshi we-Al Ahly, uMarcel Koller, othi bekufanele bathole iphenathi emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns.
AmaRed Devils ahlulwe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala we-African Football League eLoftus Versfeld ngeSonto.
UThapelo Maseko ushaye elihle igoli engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-52, iDowns yabambelela kwaze kwayophela umdlalo.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba sekuphele umdlalozl, uKoller ukhiphele ulaka lakhe kwithimba leVAR.
“Sidlale kahle ngendlela engibone ngayo. Besilandela ngemuva kwebhola esiwombeni sokuqala, bekufanele siyihlasele iSundowns.
Sidedele igoli ngephutha elibi esiwombeni sesibili. Umdlali wethu ushaye iphasi ebingaqondile kuzakwabo, kwadaleka igoli ngalelophutha.
Sikwazile ukubuya emdlalweni ngesikhathi singenelwa yigoli. Bekufanele sinikezwe iphenathi, unompempe bekumele ayibone. Ngiyazibuza ukuthi kungani kukhona iVAR uma unompempe ezoyeka ukuyohlola amaphenathi,” kuchaza uKoller.
UKoller uthi bazolwela ukunqoba emlenzeni wesibili eCairo.
“Sinethuba lokulwa eCairo, sizoqinisekisa ukuthi siyabuya. Sizolishaya igoli, ikakhulukazi ngoba kuzogcwala abalandeli bethu.
“Sizokwenza okusemandleni, ngiyathemba abalandeli bazophuma ngobuningi bezogcwalisa inkundla. Sizolwela ukudlulela kowamanqamu.
ISundowns iyiqembu elinzima, bajwayele ukufika ezigabeni zokugcina kwimiqhudelwano. Bayiqembu esilihloniphayo kodwa sizosebenzela ukungena kowamanqamu,” kuchaza lomqeqeshi.
Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa eCairo International Stadium ngomhlaka 1 kuNovemba 2023. Umdlalo uzoqala ngehora lesishiyagalombili.