Kubukeka sengathi iKaizer Chiefs ingase ibhekane nesimo esithi asifane nese-Orlando Pirates noHappy Jele ngekusasa lika-Itumeleng Khune othi akuphelile ngaye.
Izolo iChiefs ibungaze uKhune ngokusebenzela Amakhosi iminyaka ewu-25, wabongwa ngakho konke akwenzele iqembu kule minyaka. Noma engawuqalanga umdlalo nePolokwane City, uKhune ugcine engeneli sekusele imizuzu ewu-15 njengoba uBruce Bvuma ebadlisa ngamapayipi benoBrendon Peterson.
Abaningi ezinkundleni zokuxhumana bathathe umdlalo wayizolo njengowokuvalelisa uKhune, ongasekho ezingeni ayekula esamusha ebholeni lakuleli njengoba iminyaka isihambilo. Ekhuluma ngemuva komdlalo nokho uKhune akuphelile ngaye kwiChiefs.
“Ngizobuyela emuva siyokhuluma ngekusasa lami. Okwamanje akukho osekuqinisekiswe futhi ngisazogijima kahle eminyakeni embalwa ezayo. Ngizoqhubeka ngenze konke okusemandleni,” kusho uKhune.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uJele eshiya kwiPirates kwaba nokudideka ngekusasa lakhe njengoba wayesafuna ukuqhubeka nokudlala esigabeni esiphezulu sePSL, kodwa iPirates yayifuna ukumnikeza esinye isikhundla eqenjini. Kwaphetha ngokuthi ajoyine iRoyal AM kodwa wahlala izinyanga ezingeqile ngisho ku-6, wanqamula inkontileka esadlale imidlalo emine kuphela kwiThwihli-Thwahla.
NgoJanuary uJele uveze ukuthi usathungatha iqembu futhi usazimisele ngokudlala, kodwa muva nje kuvela ukuthi usezimisele ngokubuyela kwiPirates ayothatha isikhundla asichizela.