Ugxeke abadlali be-Orlando Pirates ngokuzithela ngabandayo umqeqeshi uJose Riveiro kulandela isibhaxu sika 1-0 abasithole kwiTS Galaxy eMbombela Stadium ngoMgqibelo.

Umphumela wayizolo ushiye iPirates kunombolo 3. Ibinethuba elihle lokukhuphukela kunombolo 2 nge-draw njengoba iStellenbosch ishayiwe.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uRiveiro usole abadlali bakhe ngokungadlali ngezinga abelilindele.

“Asidlalanga kahle futhi ubungasifanele umphumela ongcono. Siwakhile amathuba kodwa asiwalandelanga amaqhinga ebengifuna siwasebenzise, savumele iGalaxy ukuthi idlale ngendlela yayo.

“Nendlela ebesiziphethe ngayo ibingekho yinhle. Uma ubuka umdlalo ngathi iGalaxy kukhona ebikulwela ukudlula thina.

“Kumele sidlale ngentshisekelo kusukela uqala umdlalo, hhayi ngoba sesidliwa. Anginankinga nokudliwa, kodwa angikuthandi ukudliwa yiqembu ngoba likhombise intshisekelo yokulwa ukudlula thina.”

IPirates izobhekana neSuperSport United kumdlalo wokugcina wePremiership, bese ilungiselela owamanqamu weNedbank Cup.