Umdlali omenyezelwe njengobashaye bonke amakhanda kwiPremier League kule sizini uPhil Foden uvalele igoli ngomzuzu wesibili emdlalweni wabo neWest Ham.
IMan City kumele inqobe umdlalo wanamhlanje ukuze ibe ngompetha bePremier League okwesine kulandelana.
Komunye umdlalo i-Arsenal, esembangweni wesicoco neCity, itholene phezulu ne-Everton. AmaGunners nawo adinga iwin kodwa ngaphezu kwalokho kumele kushaywe neCity ukuze abe ngompetha okokuqala eminyakeni engu-20. Njengoba isihamba phambili nje iCity iWest Ham isibhekene nomqansa e-Etihad Stadium.
Sizolandela le midlalo namhlanje.
Love this City! 🩵#ManCity pic.twitter.com/svE8zmjvbG
— Manchester City (@ManCity) May 19, 2024
Home for the final time this season! 🏡🩵#ManCity | #AsahiSuperDry pic.twitter.com/IiE3kjQhgI
— Manchester City (@ManCity) May 19, 2024