“Sizothumela amagama abo bonke abadlali, abakwaBetway bathe bazosilekelela ngokuqinisekisa ukuthi abagembuli,” – usho kanje usihlalo wePSL u-Irvin Khoza ebuzwa ngokuthi bazokwenzani ukunqanda ukugembula kubadlali.

UKhoza ubekhuluma eGoli ngesikhathi kwethulwa iBetway njengabaxhasi abasha bePremiership okuphakamise imibuzo ngokukhula kwendima yokubheja kuleli.

Ngokomthetho wePSL abadlali vele abavumelekile ukubhejela ezemidlalo, kodwa lo mthetho usazoqiniswa.

Ngesizini edlule abadlali be-Orland Pirates bazidonsela amanzi ngomsele bebonakala bekhuluma ngokugembula kwezemidlalo.

IVideo yabo yasabalala ezinkundleni zokuxhumana kwaholela ekutheni iPirates igcine isiqala uphenyo ngabadlali abavela kuyo, yathola ukuthi abagembuli. IPirates yashicilela isitatimende icacisa ngalokhu yaphinde yaveza ukuthi abadlali bazophinde bakhunjuzwe ukuthi abavumelekile ukugembula.

“Njengeqembu lebhola, siyazi ngokugcwele imithetho ethinta ukubheja. Abadlali bebhola elikhokhelayo abavumelekile ukubheja kwezemidlalo.

“Silusukumele lolu daba nabadlali abathintekayo, sagcizelela ukuthi noma kudlalwa izingxoxo ezifuze lezi zingaba nemiphumela emibi,” kusho iPirates ngaleso sikhathi.