Iqembu eligijima kwiPremier League, iTottenhm Hotspur, kubikwa ukuthi selibike u-£13million etafuleni licela ukusayinisa umdlali weBarcelona owukudla kwebhentshi, uFranck Kessie.

Lo mdlali (26) wase-Ivory Coast ufike kwiBarca ethwelwe ngeqoma esuka kwi-AC Milan kodwa izinto azimhambeli kahle kuleli qembu. UKessie usaqale imidlalo emihlanu kuphela ezinyangeni eziyisithupha kwiBarca. Okushaqe abaningi wukuthi ubekwe ebhentshini umdlali oneminyaka ewu-34, uSergio Busquets.

Muva nje, kusanda kuvela imibiko yokuthi umqeqeshi weBarca, uXavi, uhlela ukuvala isikhala sikaBusquets ngoFrenkie De Jong (25), ongayizwa eyokushiya leli qembu. Lokhu sekuphakamise imibuzo ngekusasa likaKessie, osekwenze iTottenham izisondeze odabeni lwakhe.

Ngokwephephandaba laseSpain, iSport, iSpurs izimisele ngokusayinisa lo mdlali ngoJanuary kodwa ingase idinge ukudayisa umdlali kuqala ngaphambi kokumsayinisa.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lisanda kusayinisa uYves Bissouma osengene khaxa kwi-system ka-Antonio Conte kanti futhi iphethe no-Pierre-Emile Kordt Højbjerg abadlala i-CDM.