Umqeqeshi weSekhukhune United u-Owen Da Gama uthi babemhleka abantu ebatshela ukuthi umgadli uPeter Shalulile, owayedlala kwiHighlands Park ngaleso sikhathi, uyena ohamba phambili eNingizimu Afrika.

UDa Gama uthi sebeyaphenduleka abantu ababemphikisa njengoba uShalulile evutha engabaselwe kwiDSTV Premiership kulesizini. UShalulile (28) useshaye amagoli angu-22 kwiligi, usele ngamagoli amathathu kwirekhodi likaCollins Mbesuma owashaya angu-25 ngesizini eyodwa.

Lomgadli uphinde washaya igoli iMamelodi Sundowns ishaya ISekhukhune ngo 2-0 e-Ellis Park ngoLwesibili. Uqophe umlando eshaya amagoli amathathu emidlalweni emibili ilandelana ngenyanga edlule.

“Ngesikhathi ngisho eminyakeni emibili eyedlule ukuthi uShalulile uyena umgadli ohamba phambili kuleli, abantu bangihleka. Usewaphule wonke amarekhodi, wayengumshayimagoli ohamba phambili kwiNational First Division (NFD), uhamba phambili ngamagoli kwiPremiership futhi useshaye amagoli amathathu emidlalweni emibili ilandelana.

Ngithemba ukuthi uzoliphula irekhodi. Bengifuna angaliphuli uma bedlala nathi, besihlele kahle,” kubeka uDa Gama.

Uma uShalulile eqeda isizini ka-2021/22 engumshayimagoli ohamba phambili, uzobe esezakhela owakhe umlando. Ngo-2018, washaya amagoli angu-15 kwiNFD waqeda elingana noMwape Musonda. Ngesizini ka-2019/20, lomgadli washaya amagoli angu-16 kwiHighlands Park, wakhalaza wemuka nesicoco somshayimagoli ovelele.

“Ngiyamjabulela kakhulu ngoba uyazimisela kakhulu, uyaqeqesheka futhi usebenza ngokuzikhandla. Wayehlezi engicela ukuthi sibukele ama-video, ecele nokujima uma sekuphele ikhempu yeqembu.

Nezinwele angisenazo Ingenxa yokugeja kwakhe. Ngangihlele ngimgqugquzela. Kwakwenzeka ngimthethise kodwa ngabona ukuthi ngimfakela ingcindezi. Angikhumbuli enciphisa ukusebenza yize ebegeja amathuba amaningi. Indlela aphila ngayo nokuziphatha kwakhe kuyamkhulisa. Ngiyathemba nabanye bazobona ukuthi ukusebenza kanzima kuzala impumelelo.

Uyawasebenzela amagoli. Uyisibonelo esihle nakwabanye abadlali baseMzansi,” kuchaza uDa Gama.

UShalulile usalelwe imidlalo emithathu yokuzama ukuphula irekhodi likaMbesuma. ISundowns izodlala neKaizer Chiefs ngempelasonto, kulandele iStellenbosch FC neRoyal AM.