Owayengumdlali weKaizer Chiefs uJnr Khanye uthi kuzoshaya uMsombuluko esexoshiwe umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uma i-Orlando Pirates ishaya Amakhosi namhlanje.
UKhanye ubeke kanje ekhuluma kwi-channel ye-iDiski Times kwiYouTube lapho aveze khona ukuthi akangabazi nakancane ukuthi izodliwa iChiefs namhlanje eFNB Stadium. Ukhale ngabadlali beChiefs wathi uma beqhathaniswa nabePirates bakhala ngaphansi.
“IKaizer Chiefs inenqwaba yabadlali abangadlali kahle njengamanje. UKeagan Dolly akadlali kahle, uMaart akadlali kahle, uSithebe naye kumele sikhulume iqiniso, kuyabheda. Ngeke uhluleke ukudlala kahle nibhekene ne-Arrows bese uzitshela ukuthi uzojika izinto kwi-derby. Ngisho ubuka ibhentshi leChiefs awazi kungangena bani. Uma ngikhuluma iqiniso nje iChiefs ayinabadlali,” kusho uKhanye.
“NoBimenyimana akaze abe wumdlali omuhle, uke washaya amapenalty kodwa nje angimboni kahle. USaile ungcono kunaye kodwa akayena umgadli. Ngeke ngimahlulele ngoba uzobe eqala ukudlala kwiderby.”
UKhanye uqhube wathi uZwane usashaywa amava okuqeqesha kwiPSL. Uthe iyabonakala into azama ukuyenza kodwa inkinga ushoda ngamava.
“U-Arthu amava ayamdabula. Akanalo iqembu elikwazi ukumelana nengcindezi. Uma edliwa ngeke kulindwe ngisho uMsombuluko…nizibonele ngempelasonto edlule abalandeli bacasukile. Ngibona iPirates ishaya amagoli amathathu noma amane kulo mdlalo.”