Intatheli Yezemidlalo
Umhlaziyi webhola uJunior Khanye uthi umqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt ungundlovu kayiphikiswa, okuyinto ayibona yenza umonakala eqenjini lakhe.
UKhanye uthi wacasulwa inkulumo kaHunt sekuphele umdlalo womkhaya, lapho aveza khona ukuthi akanabo abadlali abanele ebhentshini.
“Amazwi afana nalawa azohlukanisa iqembu ngoba kunabadlali abazobona bengcono kunabanye. Uchaze ukuthini uma ethi akanabo abadlali? Obani laba abasebhentshini? Abanazo yini izinkontileka neChiefs? Akusibo yini abadlali beqembu?
Lesi kuseyisikwati esaqeda kunombolo 2 kwiligi ngesizini edlule. Ngiyakutshela manje, uHunt ubulala iqembu. Ngiyazi engangizonda afune ukungilwisa uma engibona, kodwa ngimtshela amaqiniso. Ubulala iqembu,” kubeka uKhanye ecashunwa iPhakaathi.
UKhanye uthi lomqeqeshi ukhombise ukuzitshela uma ethi abadlali abasebhentshini abekho ezingeni lokushintsha umdlalo.
“IChiefs iwine ngenhlanhla emdlalweni womkhaya. Igoli kwaba yiphutha lePirates eyahluleka ukumaka, iChiefs ayenzanga lutho nje. UNurkovic angeke aphinde ashaye igoli elinjeya ngoba kwaba yinhlanhla,” kuchaza uKhanye.
UKhanye uqhube wathi ukubizwa kuka-Itumeleng Khune yedwa esikwatini kuveza ukuthi uHunt akakulungele ukuqeqesha iChiefs.
“Abekho abadlali beChiefs esikwatini ngoba umqeqeshi ubaphendule ama-robot. Badlala ibhola elingacacile. IBafana izodlala neGhana kodwa abekho abadlali beChiefs. Yini edala lokho? UKhune ungumdlali osezingeni kodwa ubulawa abaqeqeshi ngoba udlala nezitobha ezihlulwa ukuphasa ibhola emuva,” kuchaza uKhanye.