Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki uthi sebenalo icebo lokuphoxa iSudan ekhaya ukuze bezodlulela kwi-AFrican Cup of Nations yango-2022.
IBafana ihlulwe ukuzenzela umsebenzi ibambana neGhana emdlalweni kaGroup C obuseFNB Stadium izolo ntambama. Umdlalo uphele ngo 1-1.
IBafana idinga iphuzu elilodwa emdlalweni weSudan ukuze izothola ithikithi lokuya kwi-AFCON.
ISudan yona izodlulela phambili uma ibuya namaphuzu agcwele kodwa uNtseki uthi baneqhinga lokushayela iSudan esibayeni sayo.
“Ibhola lihlezi limangaza, umdlalo besiwuphethe, namathuba siwatholile kodwa sigcine ngokubuya nephuzu elilodwa. ISudan iyona okumele ishaye thina. Njengoba kuyibona abazohlasela thina, sesinalo iqhinga labo. Bazodlalela ukunqoba, ukudlala ngokulingana ngeke kubasize. Kuyaphoqa ukuthi basihlasele, thina sinabadlali ababukhali uma bethola ithuba, singawunqoba umdlalo,” kuchaza uNtseki ekhuluma nabeSABC TV sekuphele umdlalo.
UNtseki uphinde wakhala ngokulimala kwenjini yesisu u-Andile Jali ophume ngesiwombe sokuqala.
“Sikhethe abadlali abangu-26, besenzela khona ukulekelela abadlali abalimalayo. Kubuhlungu lokhu ku-Andile Jali. Ngesikhathi sizodlala neSao Tome, uJali walimala, wagcina engafikanga ekhempini. Bengikhuluma naye, ubebukeka ekulungele ukuba yingxenye yekhempu.
Ukulimala ngesiwombe sokuqala kumphoxile kakhulu. Bengimbona efuna ukukhala kodwa uzoxilongwa yithimba lodokotela, laba abanye kumele badlalelele ukufa nokuphila eSudan,” kuphetha uNtseki.