Intatheli Yezemidlalo 

Owayengumdlali weKaizer Chiefs uJunior Khanye uthi uyedwa umqeqeshi ongabuyisa isithunzi seBafana Bafana, igama lakhe uPitso Mosimane. 
UKhanye ukhuluma nje iBafana isimfake amasondo umqeqeshi uMolefi Ntseki njengoba ehluleke wancama ukufaka iqembu kwi-Africa Cup of Nations yango-2022.

IBafana ishaywe iSudan ngo 2-0 ngeSonto, kwaphela wonke amathemba okuya eCameroon. 
Abalandeli bebhola kuleli balokhu bebhale njalo befuna kubuyiswe uMosimane, noma umsebenzi unikezwe u-Eric Tinkler okanye uBenni McCarthy. 

UKhanye yena ufuna kubuyiswe uMosimane. 

“Akubuyiswe uPitso Mosimane azoqeqesha iBafana Bafana. Akulandwe umuntu ozokwazi ukumdlalisa ibhola elithandwa abadlali bakuleli. UPitso uyalazi ibhola lethu, nabadlali ubajwayele. UTed Dimitru uwuqalile umsebenzi. Sidinga abaqeqeshi abafana noZipho Dlangalala, Dan Malesela, Farouk Khan, Kwanele Kopo, Sudesh Singh no Floyd Mogale emaqenjini amancane esikwati. 

Laba baqeqeshi kumele bakhulise abafana abancane. UKopo ukhona kwiBafana kodwa ngixibuxa ukuthi usebenza nobani? Bayamulalela yini? Angiboni ukuthi bayamlalela ngoba uyisekela lesithathu. Ngiyaxolisa bhuti wami, sibanjwa inkunzi emini. 

Kungani uMolefi Ntseki eqeqesha iBafana? Waqeqesha kuphi? Akaze aqeqeshe kwiGladAfrica Championship noma kwiDiski Challenge. Asikwazi ukuletha abaqeqeshi abanje esikwatini,” kuchaza uKhanye ecashunwa yiSowetan. 

UMosimane ujoyine izinkunzi zase-Egypt i-Al Ahly ngonyaka odlule esuka kwiMamelodi Sundowns abebutha kuyo izindondo. UMosimane uqeqeshe iqembu lesizwe ngo-2010, waxoshwa ngo-2012. 

UKhanye uthe kuyaphoxa ukuthi iBafana ihlulwe ukuzibekisela ngendawo kwi-AFCON. Ubeke isisombululo sokuthi akusetshenziswe abadlali abasebancane. 

“Kuyaphoxa ukuthi sihlulekile ukungena kwi-AFCON ngoba sinabadlali abadle ngomjiko njengeBrazil. Kumele amaqembu eDSTV Premiership abhukule, akhiqize abadlali abasebancane. Uma iChiefs, Sundowns nePirates bengakwazi ukukhiqiza abadlali abancane, konke kuzolunga. 

Ngoba izinto abazenzi ngendlela, izinto zimapeketwane. Kungani sibiza abadlali abaneminyaka engu-23?

EBrazil kumele ulungele iNdebe yoMhlaba uneminyaka engu-17. Kungani sisebenzise abadlali abangakaze badlaliswe emaqenjini amancane abafana noBen Motshwari, Ruzaigh Gamildien no Thabang Monare? 

“Abakaze badlale ezikwatini ezincane, kungani ubabiza manje? Ubiza uGamildien bekumele sidlulele kwi-AFCON, sishaywa iSudan engenaye ngisho oyedwa umdlali ogijima e-Europe. Basebenzise abadlali bakwiligi yabo, lokhu kukhombisa izinga lebhola eNingizimu Afrika njengamanje,” kuchaza uKhanye.