Sphamandla Gumede 

Umdlali weKaizer Chiefs uKhama Billiat uthembisa ukubuya ngamandla kwiDSTV Premiership neCAF Champions League njengoba isizini ka-2020/21 isibheke emaphethelweni. 
Lomdlali ubesehlale izinyanga ezimbili engalithinti ibhola selokhu walimala ngomhlaka 09 January iChiefs ishaywa yiMaritzburg United eFNB Stadium. 

UBilliat (30) uthi useluleme ngokuphelele, okusele nje ukubuyela enkundleni ezoqedela isizini ngomfutho. 

“Bekunzima. Singabadlali abasezingeni elikhokhelayo. Sifuna ukunikeza enkundleni noma kunzima ukuze sizoqina ukhakhayi. Ngalimala sibhekene neMaritzburg, okuyinto engingakaze ngiyinake. Angikaze ngiphuthelwe imidlalo eminingi ngalendlela. Bekunzima yize bengiqinisela. Ngibonga uMdali ngokunginikeza amandla, ngiwumqemane manje,” kubeka uBilliat. 

UBilliat unegoli elilodwa, waba ngumvusi wenyamazane kwamahlanu emidlalweni engu-16 kulesizini. 

Lomdlali uthi ufuna angajabula uma ethola ijezi emdlalweni weCAF Champions League ngoMgqibelo uma sebetholana neWydad Casablanca eFNB Stadium. 

“Ngiwumqemane. Ngiyathemba umqeqeshi uzonginika ithuba. Sengiyajima nozakwethu. Kumele ngiqinise kancane. Kubalulekile ukuthi ngiqinise ukhakhayi, ngisebenze kanzima ukuze ngizosiza iqembu. 

UBilliat uthi uyayazi IWydad kwazise ubengqubuzana nabadlali bayo esadlalela iMamelodi Sundowns eminyakeni eyedlule. Uthe bafuna amaphuzu amathathu kulomdlalo. 

“IWydad iyiqembu elihle. Sihlulekile emdlalweni wokuqala eBurkina Faso. Nginesikhathi eside ngibazi, kunzima ukudlala nabo. Bayazikhandla futhi bayakwazi ukumelana nengcindezi ngoba kudala bedlala kulesi sigaba. Umdlalo omusha ufika namathuba. 
Kumele sisebenze kanzima, sisebenzise inkundla yasekhaya ukuze sizobuya ngomphumela omuhle. Kusifanele ukunqoba. Kumele sisebenze kanzima siyiqembu, senze okufunwa umqeqeshi,” kuchaza uBilliat.