Ngemuva kokunqoba kwiLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weDSTV Premiership izolo, umqeqeshi weBaroka uVincent Kobola uthi lamaphuzu bawasebenzele kanzima.
Bekuyiwini ebalulekile kwiBaroka esalelwe imidlalo emithathu ngaphambi kokugoqa iligi. Yize bedonsa amabhuleki ekugcineni kwetafula, sebelandela emuva ngamaphuzu amabili kwiSwallows ehleli kunombolo 15.
UKobola uncome ukuzinikela kwabadlali, okuyisona isizathu esibanqobise lomdlalo.
“Bekunzima impela kodwa siqinisile emdlalweni, ikakhulukazi uma singaliphethe ibhola, kungijabulisile lokho. Kuhle nokungangenelwa yigoli, futhi ngegoli silishayile. Sishaye amagoli amabili kwiSwallows kodwa sadedela amathathu. Ngijabule kakhulu ngendlela esidlale ngayo, ikakhulukazi emuva,” kusho uKobola.
UKobola uncome udonga lwasemuva nonozinti, wathi kusize abadlali abadala bedlala kulesigaba.
“Iqembu ligcwala ukusaba, litatazele uma libhekene nezembe. Ngizamile ukubathambisa abadlali kodwa awukho umehluko ngoba yibona abasenkundleni. Bengibheke abadlali abadala ukuthi bawubambe umdlalo. Unozinti usizile kakhulu,” kusho uKobola.