PHUMELELE NXUMALO
USHIYE angalazi umrepha wakuleli uKiernan ‘AKA’ Forbes ngesibonelelo sika-R2200 esiphakamiswe nguhulumeni njengesizokwelekelela amaciko njengoba kuhlasele ubhubhane iCovid-19.
Lo mrepha ubezwakalisa ukungenami ekhasini lakhe likaTwitter lapho akhale khona ngokuthi incane kakhulu le mali ezonikwa amaciko. Enxanxatheleni yemibhalo abeyibhala ubekhala ngokuthi yena ungumuntu onabantu abamsebenzelayo kanti le mali angeke imsize ngalutho.
“Laba ababamba olayini beyolanda isibonelelo sabo abanazo izisebenzi ezilingana neziqashwe yimina. Nginezisebenzi ezibheke mina ngemiholo ezinemindeni eziyondlayo. Kungani uhulumeni enika amaciko imali angayisebenzisa ngesonto ukuthenga insangu engabe uyinika abantu abayidinga ngempela?” kusho umbhalo.
Isikhalo sakhe asehlanga kahle kubalandeli bakhe kuTwitter njengoba iningi belimgxeka ngokukhalaza ngale mali limsola ngokungabongi ekubeni iningi labantu eNingizimu Afrika lithola isibonelelo esingu-R350 kuphela.
“Yini ngempela engizoyenza ngo-R2200? Yebo angidilizwanga futhi angiqashiwe. Ngizama ukungabadilizi abantu abangisebenzelayo. Angeke ningiphoqe ukuthi ngibonge uhulumeni ngo-R2000. Ayisho lutho kimina,” kusho umbhalo.
Isikhalazo salomrepha silandela isimemezelo esikhishwe nguNgqongqoshe weZemidlalo, amaCiko naMasiko uNathi Mthethwa esithi uhulumeni ubeke eceleni u-R150 million ukuze alekelele amaciko nabezemidlalo abathikanyezwe yiCovid-19 ngokomnotho.