Minenhle Zwane
Usesungule isiqholo sakhe obemlingisi weMbewu uFundiswa Zwane owakhonjwa indlela kulo mdlalo odlala ku e.TV phakathi nesonto azakhele udumo kuwo elingisa indawo kaMadonsela.
Lo mlingisi (35) okhulele ePort Shepstone uthi iphupho lakhe leminyaka selifezekile njengoba esakwazile ukusungula iCamagu okuyigama lesi qholo sakhe sabesifazane namadoda.
“Isiqholo sami sakhelwe abantu abanentshisekelo, abazethembayo, abathakaselela ukuzithola ukuthi bangobani nabathanda uhambo lwempilo yami,” kusho uFundiswa.
Uthi uma usisebenzisa uzwakala noma ikuphi la ohamba khona ukuthi unamandla futhi unezinga.
Lo mlingisi ushiye kukhalwa kwiMbewu ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi ngeke esabonakala kulo mdlalo njengoba indawo yakhe isivalwe ngomunye umlingisi. Kuvele imibiko yokuthi kube nokungaboni ngasolinye phakathi kophrojusa balomdlalo nabaphathi baFundiswa okugcine kuholele ekutheni bahlukane.
Abalandeli bakhe baveze ukuthi bebemthanda kulo mdlalo kodwa bazoqhubeka bameseke nasebhizinisini lakhe.
“Ngyamhalalisela uFundiswa bengimthanda kakhulu kwiMbewu futhi ngisazoqhubeka ngimthande. Ukube kuya ngami lesi sqholo sakhe besizoqanjwa nge “Amen” njengoba ngizomukhumbula ngokuhlala esho wona kulo mdlalo” kusho uBalungile Shozi.
USanele Thethwayo, uthe ukulangazelele ukuqala ukusisebenzisa lesi siqholo uma esithandile angeke ahlukane naso.
“Ngizosithenga maduze nje kuncono ngoba uhambile kwiMbewu la ebesimthanda khona kepha akasishiyanga silambatha njengoba esishiye nesiqholo esizohlala simukhumbula ngaso singabalandeli bakhe.”
Echaza kabanzi ngesiqholo sakhe u Fundiswa uthe into enhle ngaso ukuthi sifike umhlaba wonke ukhungethwe yifu elimnyaka leCovid-19 kepha sona sifike sazoqhakazisa .