Phumelele Nxumalo

IGEZEKE igilo intandokazi yeGqom yaseThekwini uBongekile ‘Babes Wodumo’ Simelane ngokudanselwa kwengoma yakhe eshisa izikhotha esihloko sithi ‘eLamont’ yinkakha yomculi weRnB wase-USA u-Alicia Keys.

UKeys ubonakale edansela le ngoma namadodana akhe amabili u-Egypt noGenesis kwivideo esabalale enkundleni yokuxhumana uTwitter. Kule video kubonakala uKeys edansa ngesikhathi kudlala le ngoma kanti umkhwenyana wakhe uSwizz Beatz uzwakala ememeza ngemuva ethi “Woza” “Yebo” kube sekuvela amadodana abo nawo edansa.

OWodumo ukhiphe Lolu cwecwe lwengoma kwi-albhamu yakhe yakamuva esihloko sithi ‘Idando Kazi’ asebenze kuyo nabaculi okubalwa uMampintsha, Skillz, TNS, Rhythm Soundz, Dladla Mshunqisi, Tipcee, RockyBoy, Cultivated Soulz, Sizwe Mdlalose kanye noDrega.

Akukona okokuqala ingoma yakuleli yeGqom ithakaselwa emazweni angaphandle njengoba nengoma kaKgaogelo ‘Master KG’ Moagi ‘iJerusalema’ ishisa izikhotha emazweni ehlukene omhlaba. Kubikwa ukuthi le ngoma isibukwe cishe izikhathi ezingaphezu kuka-60 million kuYoutube kanti namavideo abantu bezinhlanga ezehlukene beyidansela athe chithi saka ezinkundleni zokuxhumana.