Umqeqeshi weSwallows FC, uDylan Kerr, usephumele obala waveza ukuthi akakhohliwe ukuthi umqeqeshi waMaZulu FC uBrandon Truter wamgudla ngesizini edlule emdelela.
Ngasekupheleni kwesizini edlule, uTruter, owafaka iSwallows kwiDStv Premiership, wathi uKerr uwumqeqeshi oshibhile wapheshaya kulandela ukuqashwa kwakhe kwiSwallows esekhonjwe indlela.
Engxoxweni neSABC Sport, uKerr uthe akawakhohliwe amazwi kaTruter.
“Angikhohliwe futhi angisoze ngakhohlwa. Ngangiqala ukudelelwa ngaleya ndlela. Akekho umqeqeshi okumele akhulume ngomunye umqeqeshi ngaphandle uma ezokhuluma phambi kwakhe.
“Akungiphathanga kabi kodwa umndeni wami nabangani bami abakuthandanga kodwa ke, yinto esidlulile.”
UKerr uthe unake umsebenzi ophambi kwakhe manje futhi yonke indawo aqashwa kuyo uzama ukwenza umsebenzi ngendlela ngisho ngabe kuthiwa sinzima kanjani isimo asebenzela kuso.
“Sengihlale eNingizimu Afrika kusukela ngo-1986. Ngike ngahlaba ikhefu iminyaka ewu-20, ngase ngabuya ngo-2009. Sengihlale la kusukela ngo-2018 manje, ngiyalithanda lelizwe, ngiyalithanda ibhola. Abantu bazoba nemibono yabo kodwa ngiyazi ngenzani futhi ngijabule ngakho,” kuphetha uKerr.