Umqeqeshi weSupersport United, uGavin Hunt, usephumele obala ngesifiso sakhe sokusayinsa obewumdlali weKaizer Chiefs, uBernard Parker.

UHunt, oke wasebenza noParker isikhashana kuMakhosi, usekuqinisekisile ukuthi lo mdlali uziqeqesha naMatsatsantsa a Pitori, kodwa akukho asebevumelene ngakho okwamanje. 

“UBernard uziqeqesha nathi. Kukhona engizama ukukwenza naye uma kwenzeka. Ngicabanga ukuthi uwumdlali osezingeni eliphezulu, kodwa sizobona. Asikasayini lutho naye okwamanje,” kusho uHunt engxoxweni neSABC Sport. 

“Uwumdlali omuhle. Ukukhombisile lokho ezinsukwini ezimbalwa ezedlule eziqeqesha nathi ukuthi usangadlala, futhi siyamdinga umuntu odlala phambili, kodwa okwamanje akukho esivumelene ngakho,” usho kanje.

Lo mqeqeshi uphinde wadalula ukuthi ngesizini ezoqala kule mpelasonto, ukapteni wakhe kuzoba uThamsanqa Gabuza. Ucacise lokhu kulandela imibiko yokuthi ibhande lingase linikezwe uThulani Hlatshwayo, oke waba wukapteni weBafana Bafana neBidvest Wits ngesikhathi isaphekwa uHunt. 

“UBash uzoba wukapteni kule sizini, akekho omunye umuntu. Unamava, uwumdlali owuhloniphayo umsebenzi wakhe futhi uwumholi,” kuqhuba uHunt. 

Ngaphandle kokusayinisa uHlatshwayo kwiPirates, iSupersport iboleke uRicardo Goss noGrant Margeman komakhelwane iMamelodi Sundowns, yaboleka noThabang Sibanyoni kwi-University of Pretoira. 

ISupersport izobhekana neChippa United, esiphekwa wuDaine Klate, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.