Istobha seMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, sithi kubaphoxile ukukhishwa kwiMTN8 ngempelasonto kodwa manje sebegxile kwimdlalo yeligi esele ngaphambi kwekhefu leFIFA World Cup.
ISundowns ikhishwe kabuhlungu kwiMTN8 inenebulwa yi-Orlando Pirates ngo 3-0 enkundleni ebigcwele phama ngoMgqibelo ntambama. Namhlanje izothola ithuba lokuzithoba inhliziyo ngokushaya iMaritzburg United eMgungundlovu kumdlalo ozoqala ngo 19:30 eHarry Gwala Stadium.
“Kube nzima ukwamukela umphumela wangempelasonto ngoba besingompetha beMTN8, besingathanda ukudlulela kowamanqamu sizame ukuvikela isicoco sethu. Siphoxekile kodwa asifuni ukugxila kakhulu kulokho manje, sesibheke kumdlalo weligi.
“Sidlala neMaritzburg United, sizosebenzisa lo mdlalo ukubuyisa umgqigqo wethu olahleke sishaywa yiPirates. Siyethemba sizothola umphumela omuhle, sijabulise abalandeli beSandawana.”