Umqeqeshi waMaZulu, uRomain ‘Fohloza’ Folz, usedalule ukuthi akalibambele gqubu iqembu afike ngalo eNingizimu Afrika iMarumo Gallants.
UFolz uhambe kamuncu kwiGallants njengoba kubikwa ukuthi wayengeneme ngokugxambukela kwabaphathi beqembu emsebenzini wakhe. Umenyezelwe njengomqeqeshi omusha woSuthu kungalindele muntu kulandela ukuxoshwa kukaBrandon Truter. UFolz uselungiselela ukuhlangana neGallants kusasa ngo-19.30.
“Sijabule ngokungena kwi-final yeMTN8 kodwa manje senemdlalo emibili yeligi okumele siyilungiselele. Wonke umuntu uyazi ukuthi sisebenzela phezu kwani njengamanje, kumele siqinisekise ukuthi sigxile kule mdlalo njengamanje,” kuchaza uFolz ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide.
“Angibabambele gqubu kwiMarumo Gallants. Empeleni ngisanobudlelwano obukahle nabantu abaningi kuyo. Omunye umdlalo nje esifuna kuwo amaphuzu amathathu,” usho kanje.
Uma enqoba kulo mdlalo AmaZulu azokhuphukela kwitop 8 yeDStv Premiership. UFolz namanje usazama ukunqoba umdlalo wakhe wokuqala kuleli.