Sekuvele ukuthi lizimisele ngokusayinisa uCristiano Ronaldo iqembu elivutha lingabaselwe kwiSerie A nakwi-UEFA Champions League kule sizini, iNapoli.

URonaldo akaboni ngasolinye nomqeqeshi omusha kwiManchester United, u-Erik ten Hag osemphendule ukudla kwebhentshi selokhe kuqale isizini ka-2022/2023 nakuba eshaye amagoli ukubadlula bonke abanye kwiRed Devils ngesizini edlule.

Muva nje uRonaldo usanda kuduba umdlalo ungakapheli eqoka ukuya egumbini labadlali kunokungena emdlalo usuyophela.

Kuleli sonto izindaba esizihabule kumaziko ezindaba athembekile e-Europe ziveza ukuthi uRonaldo kumele axolise kuqala ngaphambi kokuthi adlalele i-United. Okwamnje lo mdlali wasePortugal usashicilele isitatimende ezinkundleni zokuxhumana evuma ukuthi ubuye ahluthukelwe yinhliziyo kodwa usalihlinipha iqembu.

Lokhu sekwenze yaqina imibiko yokuthi uRonaldo uzoyishiya i-United ngoJanuary, kodwa awekho maningi amaqembu amataniswa naye. Umnikazi omusha weChelsea sekunesikhathi kuvela ukuthi angathanda ukuthi ajoyine iqembu lakhe kodwa indlela aziphatha ngayo kwi-United kungenzeka abadlali beChelsea ibacike kwazise noRomelu Lukaku bamjikela abadlali asengaziphathi ngendlela.

Sekuvele negama leNapoli, esesicongweni kwiSerie A. Leli qembu lingamsebenzisa umgadli wohlobo lukaRonaldo njengoba iphethe lonke uhlobo lomdlali kusukela emuva kuya phambili. Ishoda kuphela ngomdlali omdala ozohola iqembu ngamava ukuze izokwazi ukunqoba iScudetto eyasigcina ngo-1990.