Umqeqeshi weTS Galaxy u-Adnan Beganovic uthi noma iqinile i-Orlando Pirates kule sizini, akayiboni ihlwitha isicoco seligi kwiMamelodi Sundowns ngenxa yesizathu esisodwa.

UBeganovic usaqhubeka nokwenza kahle kwiTS Galaxy njengoba besethubeni lokunqoba iNedbank Cup kule sizini, kodwa emasontweni ambalwa edlule akuhambi kahle kwiligi njengoba bengayazi iwin emdlalweni emihlanu edlule.

Esika kwelijikayo ngombango wesicoco seligi, lo mqeqeshi uthi isicoco ngeseSundowns.

“Singakhuluma ngamaqembu amabili uma sikhuluma ngombango wesicoco seligi,” kusho yena ekhuluma nabezindaba.

“Ngokubona kwami, i-Orlando Pirates iyaphusha, isebenzisa abafana abancane, mhlawumbe basangaba yiqembu eliwashaya onke amanye ngokunqoba isicoco seligi.

“Kodwa kuyabonakala nje ukuthi iSundowns isezingeni eliphezulu kunayo, ngibuka ngisho indlela edlala ngayo.

“Kufanele sikhulume iqiniso; iSundowns ayisitholanga isikhathi sokuphumula ezinyangeni ezimbili ezedlule. Bayadlala njalo ezinsukwini ezintathu. Angikaze ngiyibone into efana nalena empilweni yami…”

“Njengomqeqeshi uma ngibuka iSundowns ngiyayibona iquality eyihethe, yikho ke ngithi ibafanele iligi ngoba bangenhla kwe-Orlando Pirates uma sikhuluma ngezinga labadlali.”