Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uWillard ‘Salt & Vinegar’ Katsande, usefanise iMamelodi Sundowns neReal Madrid ngenxa yendlela ethungatha ngayo abadlali.
UKatsande uthi Amasandawana angcono kuneChiefs nePirates emnyangweni wokuthungatha abadlali (scouting), okwenza ikwazi ukuvala izikhala zabadlali kalula futhi ikwazi nokugcina indlela edlala ngayo.
“Indlela abaphethe ngayo ibhizinisi labo ikwelinye izinga. ISundowns inomnyango ongcono wokuthungatha abadlali kuneChiefs nePirates. ISundowns inesikwati, hhayi iqembu nje. Uma usuphethe isikwati unqoba amaligi. Lento uyayibona nakumaqembu aphesheya njengoReal Madrid ehlale inabadlali abakulungele ukungena ezikhaleni zabahambayo,” kusho uKatsande kwi-colum yakhe kwi-This Is Football.
“Uma iqembu lakho linganaso isikwati esikhulu ubhekana nezinkinga ngoba uma kulimala umdlali oyedwa kuma yonke into. KwiChiefs nakwiPirates bavele bafake noma ubani. KwiSundowns kungena umdlali ongena khaxa esikhaleni somdlali ongekho.
“Ngisho kukhona umdlali ophelelwa yinkontileka, njengo-Andile Jali, iSudndowns isiyazi isikhala sakhe izosivala ngobani. Indawo yakhe izovalwa umuntu osekunesikhathi eyidlalela, owaziyo umsebenzi obushaywa wuJali.”