Sanele Dlamini
Ziphinde zasala zincela izithupha izimbangi zeMamelodi Sundowns kwi-Absa Premiership leli qembu ngoLwesine limemezela ukuthi usengumdlali walo umdlali wasesiswini ovutha engabaselwe uLesedi Kapinga (25).
Empeleni bese kucacile ukuthi kusele kancane leli qembu lasePitoli liphothule konke nalo mdlali obegijima kwiBlack Leopards kulandela ukungavumelani kwakhe neLidoda Duvha ngenkontileka entsha.
Ekhuluma ngokusayinisa lo mdlali umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthe bafuna ukusayinisa inqwaba yabadlali abasebasha ngokweminyaka.
“ULesedi umdlali omuhle osemncane, sifuna ukuthenga abadlali abasebancane ngokweminyaka. Ungena khaxa kuhlobo lwabadlali esibafunayo ngokweminyaka nangendlela adlala ngayo. Uwumdlali othanda ukudlalisana nabanye futhi uyathanda ukuqonda abadlali basemuva nebhola. Uyalishaya negoli, simufisela okuhle kodwa,” kusho uPitso.
Lo mdlali uyoze aqale ukubonakala kwisizini entsha yesigaba esiphezulu sePremier Soccer League, njengamanje esisabizwa nge-Absa Premiership. Kusasa kulindeleke ukuthi iPSL iveze ukuthi iyakuphasisa yini ukubuya kwemidlalo eGauteng ngo-Agasti 1 njengoba iFIFA isiyivumelile ukuqoka ezinye izinsuku zokuqala ukudayiselana abadlali usuphelile u-Agasti.