Isikhulu seSuperSport United uStanley Matthews sikhala ngokushaywa indiva inhlangano iSouth African Football Association (SAFA) njengoba iqembu lingakaze likhokhelwe imali yesinxephezelo ngokuhamba kowayengumqeqeshi uStuart Baxter.
Kubikwa ukuthi iSAFA yayivumile ukukhokha imali engaphezulu kuka-R1 million wesinxephezelo ngoba lomqeqeshi wayesenenkontileka neSuperSport ngesikhathi eqashwa.
UMatthews usekuqinisekisile ukuthi basalinde imali yesinxephezelo kwiSAFA.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi asikaze siyithole imali yesinxephezelo ngokuhamba kukaBaxter kodwa yilokho kuphela engizokukhuluma ngesizathu sokuhlonipha iSAFA,” kuchaza Matthews ecashunwa abe-IOL.
UBaxter waqokwa njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana ekupheleni kwesizini ka-2016/17, eqeda ukunqoba isicoco seNedbank Cup neSuperSport.
UBaxter ubekhuza ibuya okwesibili eqenjini lesizwe kwazise uke waqeqesha ngonyaka ka-2004 kuya ku-2005. Uthathe izintambo ku-Ephraim ‘Shakes’ Mashaba owagcina ekhonjwe indlela ngenxa yokungaboni ngasolinye neSAFA.
Isikhulu seSAFA uTebogo Motlanthe uthe akanalwazi mayelana nemali okumele ikhokhelwe iSuperSport United.
“Akekho owaziyo ngodaba lwemali okumele ikhokhelwe iSuperSport. Angikaze ngithole incwadi evela kwiSuperSport. Uma ngikweleta, kumele unginikeze incwadi echaza ngesikweletu. ISAFA inhlangano ephakeme kakhulu, kumele uthumele incwadi yesikhalazo,” kubeka uMontlanthe eziphendulela kwi-IOL.
UBaxter ugcine esulile esikhundleni ngonyaka odlule ngemuva kokukhishwa yiNigeria kuma-quarterfinals e-Africa Cup of Nations (AFCON) ebibanjelwe e-Egypt ngo-2019.
“Ngesikhathi kuqashwa uBaxter ngangingenaso isikhundla esiphezulu. Loludaba lwaluthinta isikhulu esibheke ezezimali uGronie Hluyo. Ngithumele yonke imibuzo kwihhovisi elibhekene nezezimali. UHluyo ubengakayitholi incwadi evela kwiSuperSport,” kuchaza uMontlanthe.
Isikhundla sikaBaxter sivalwe owayeyiphini lakhe uMolefi Ntseki, obekelwe umgomo wokufaka iqembu kwimiqhudelwano ezayo ye-AFCON 2021 neFIFA World Cup 2022.
Abadlali beBafana basanda kuthola imiholo yabo kwiSAFA kwazise bake basingatha ikhempu ngoNovemba 2019 ngacina bengakhokhelwanga abanye babo.