Umdlali okwesizini yakhe yokuqala kwiBarcelona, u-IIkay Gundogan, usole ozakwabo ngokudlisela iqembu kulandela isibhaxu abasithole kwiPSG ngoLwesibili ebusuku esibakhiphe kwiChampions League.
IBarcelona, osekuyohlangana iminyaka ewu-10 ingayazi iChampions League, ixetshulwe ekhaya ngo 4-1 kumdlalo abaningi abebelindele ukuthi iwunqobe njengoba ibihamba phambili ngo 3-2.
Noma ikore kuqala kulo mdlalo, kujike izinto uRonald Araujo ephuma ngekhadi elibomvu, okuholele ekutheni kungene inqwaba yamagoli.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uGundogan, onqobe iChampions League neCity ngesizini edlule, uthe baphisane ngomdlalo.
“Ngiphoxekile ngomphumela. Ngiphoxekile kakhulu uma ngikhuluma iqiniso nje ngoba besisendaweni enhle.
“Angikhulumi ngomphumela womlenze wokuqala, sikore kuqala namhlanje [izolo]. Konke bekusezandleni zethu, savele saphisana ngomdlalo ngendlela elula. Sivele sayipha iParais Saint-German. Iyonanto engiphoxayo leyo.
Ephawula ngekhadi lika-Araujo uthe noma engakaboni ukuthi kwenzekeni, kodwa uma kuwukuthi ubesephutheni limfanele ikhadi elibomvu.
Uthi ngokwakhe ukubona bekufanele u-Araujo amdedele umdlali lingene igoli uma kuwukuthi liyangena ukuze bezolwa bephelele enkundleni.
“Bekumele okungenani adedele unozinti wethu azame ukuvimba ibhola, noma lingene, kunokuthi sidlale ngabadlali abashodayo ekseni kanje emdlalweni. Kuwubulele kakhulu umdlalo wethu,” kusho yena.
Uqhube wagxeka nodonga lweBarcelona ngokudedela amagoli alula, njengelikaVitinha, athi bekumele bamvale engakakhahleli.