Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson, usegxeke abadlali bakhe ngokupha iChippa United amagoli alula emdlalweni wabo wayizolo ophele ngo 2-0.

IChiefs bekungokwesine idliwe emdlalweni emihlanu, osekuyibeke engcupheni yokuphuma kwi-top 8. Sekucacela ngisho ingane manje ukuthi ngeke iyinuke indawo yomqhudelwano weCAF.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uJohnson uthe iqembu lakhe lidlale kahle usaqala umdlalo kodwa liphe iChippa amagoli alula.

“Emzuzwini engu-20 yokuqala umdlalo ubungowethu. Singene ebhokisini labo kaningana, bekufanele sivalele noma amagoli amahlanu,” kusho yena.

“Ukungawasebenzisi amathuba kusilimazile ngoba ngemuva kwalokho sibaphe amagoli amabili. Igoli lokuqala bekuyibhola elithambile elifakwe ebhokisini, elesibili sihluleke ukuvala izikhala. Bathole amagoli amabili kalula kanjalo.”

UJohnson uthi babhekene nenkinga yokutatazela ebhokisini uma sekufanele bakore, kodwa ngaphandle kwalokho uneme ngendlela iChiefs edlala ngayo.