Umgadli wase-England obalwa nabaphambili emhlabeni, uHarry Kane, ngathi kuzophela isizini eshwiba izandla noma esedlalela iqembu elivame ukushanela izicoco kwiGerman Bundesliga.
UKane ushiye iTottenham Hotspur e-England ekhala kakhulu ngokuthi ufuna ukunqoba isicoco seligi ngoba ubesejwayele ukuzidlela igolden boot. Lo mgadli usuke kwiTottenham esiyaziwa njengeqembu elinebhola elihle kodwa elinganqobi lutho.
Usevalele amagoli awu-32 emdlalweni ewu-28 kwiligi, kwiChampions League useyishaye kawu-6 inethi kodwa kubukeka kuzophela isizini enganqobanga lutho futhi.
KwiBundesliga iBayern isele ngamaphuzu awu-16 kwiBayer Levervkusen engayazi induku kule sizini. Sekusele imidlalo eyisithupha kuphela.
Neminye imqhudelwano emncane njengeDFB Pokal, iBayern yaphuma kwi-second round, okusho ukuthi kusele isicoc se-UEFA Champions League kuphela.
Kulowo mqhudelwano iBayern izobhekana ne-Arsenal kusasa ngo-9 ebusuku kwi-quarterfinal yokuqala.