Umqeqeshi weYoung Africans uMiguel Gamondi uthi akusakhanga isithombe esihle ngebhola lase-Africa okwenzeke kwezakhe iVAR ‘ibancisha’ igoli athi lingenile emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns.
ISundowns ifinyelele kuma-semifinals eCAF Champions League ngokushaya iYanga ngp 3-2 kuma-penalty kulandela idraw ka 0-0 eLoftus Versfeld.
“Akwakhi isithombe esihle ngebhola lase-Africa. Besibhekene neqembu elikhulu kodwa sihlulwe ukuba nebhadi. Iqembu elikhulu alidingi ukusizwa yiVAR. Ngiphoxekile kakhulu, kodwa bonke abalandeli beYanga kufanale babone ukuthi sirojiwe,” usho kanje ngemuva komdlalo.
Khonamanjalo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, akafunanga ukuphawula kakhulu ngalesi sigameko, ugxile ekubongeleni abadlali bakhe ngokufinyelela kuma-semfinals eCAF Champions League.