Owayengumdlali weKaizer Chiefs osewumhlaziyi webhola, uJnr Khanye, uthi akawuboni uhamba noMonnapule Saleng umklomelo wokuba wumdlali ovelele ekupheleni kwesizini ka-2023/2024.

UKhanye Tubeke lo mbono izolo ngemuva kokunqoba kwe-Orlando Pirates ngo 2-1 ibhekene neMaritzburg United. Kulo mdlaĊ‚o iPirates iphefumuliswe yigoli likaSaleng oyibeke phambili sekuyiwa ekhefeni ngemuva kwesiwombe sokuqala.

UKhanye nokho usole unozinti weMaritzburg United ngegoli lokuqala, wathi iTeam of Choice kumele ithungathe omunye unozinti.

“Kube yishodi elihlke ethatha ithuba kodwa unozinti bekufanele enze kangcono. IPirates ayidlalanga kahle esiwombeni sokuqala, kuningi engakwenzanga kahle ikakhulukazi esiswini. Bekufanale iphele nge-draw ifirst half,” kusho uKhanye.

“Badlale kangcono esiwombeni sesibili.”

Ebuzwa ukuthi ngabe kumfanele yini uSaleng ukuthi abe wumdlali ovelele uma kuphela isizini uvele washeshe wawuhlakaza umbuzo.

“Ngokwami akayena umdlali ovelele. Uwumdlali omuhle kodwa ngokwami hhayi. Udlala impela kodwa kumdlali ovelele kubhekwa izinto eziningi. Ngifuna ukumbona edlala ezingeni eliphezulu kuyo yonke imidlalo adlala kuyo. Njengamanje udlala kahle, kodwa ngiyayiphikisa eyokuthi uwumdlali ovelele kule sizini.”

USaleng unamagoli amahlanu nama-assist amane kwiDStv Premiership kule sizini. KwiMTN8 ushaye amagoli amathathu ne-assist eyodwa, kwiNedbank Cup unegoli elilodwa.