Umdlali oyibamba emuva kwiManchester City, uKyle Walker, uthi kumele benze kangcono phambili abadlali beCity kulandela umdlalo ophele ngo 1-1 bebhekene neqembu elivika izembe iNottingham Forest.

UWalker, obekhuluma ngemuva komdlalo, uthe uma ubuka uju lwabadlali abaphethwe yiCity phambili, akumele ngabe bageja amathuba amangaka.

“Siye e-Emirates saba nomdlalo omuhle, sesilandela ngalo mphumela…akwamukelekile ukwenza kanje. Uma sifuna ukuqhudelana namaqembu aphezulu kufanele sinqobe. Sigeje amathuba ambalwa namhlanje, sidinga ukwenza kangcono njengeqembu,” kusho uWalker.

Kulo mdlaĊ‚o umgadli waseNorway ofike kwezwakala kwiPremier League, u-Erling Haaland, ugeje amathuba amabili amahle okubeka iCity phambili esiwombeni sesibili.

“Uma ngibuka amathuba esiwakhile, sidinga ukwenza kangcono ngoba siphethe abadlali abanzima phambili, kumele ngabe siwavalelile.

“Angisho kodwa ukuthi kukhona engimsolayo ngokudliwa kwethu ngoba uma abagadli bengenayo inhlanhla phambi kwepali nathi bekufanele sivikele u1-0 kuze kuphele umdlalo sihambe namaphuzu aphelele.”

IMan City isisele ngamaphuzu amabili kiwi-Arsenal enomdlalo esandleni. NgoLwesithathu izobhekana neRB Leipzing kowe-UEFA Champions League.