Umqeqeshi weKaizer Chiefs, okubikwa ukuthi udinge ukuvikelwa amaphoyisa esephuma ePeter Mokaba Stadium izolo, uthi kuyilungelo labo abalandeli baMakhosi ukuzwakalisa ukungenami ngendlela abadlala ngayo.

IChiefs ishaywe ngo 3-2 ibhekene neGolden Arrows kulo mdlalo, okucasule abalandeli bayo njengoba ibihamba phambili. Lo mphumela ushiye iChiefs isele ngamaphuzu amahlanu kunombolo 2.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uZwane, uthe kuyilungelo labo abalandeli ukubagxeka uma bengenzi kahle.

“Kuyilungelo labo. Ubaphoxile umphumela ngoba bakholwa wukuthi bekufanele siwunqobe lo mdlalo. Ngicabanga ukuthi bekufanele siwunqobe esiwombeni sokuqala. Sithole inqwaba yamathuba,” kusho uZwane.

UZwane uqhube washo asedume ngakho ngemuva komdlalo; “bekufanele sikore okungenani amagoli ayisithupha uma ubuka indlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala. Kunalokho sigcine singenisa amagoli amathathu kungenasidingo.”

IChiefs, esanqobe kanye emdlalweni emihlanu edlule, izobhekana ne-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-15:30.