Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola, uJnr Khanye, uncome indlela Amakhosi adlale ngayo kwiSoweto Derby wathi kunabadlali abembuleke izinqe. IChiefs igcine inqobe lo mdlalo ngo 1-0 ishaya i-Orlando Pirates okwesi-4 kulandelana.
“IDerby eyabadlali ‘abakhulu’. Kunabadlali namhlanje abembuleke izinqe ngayo yonke indlela. Emdlalweni wanamhlanje (wangoMgqibelo) iChiefs ihlele kahle. Bayibukile iPirates idlala neGolden Arrows kanye nomdlalo weSundowns.
“Asikhulume ngomdlalo weSundowns lo abashaye kuwo amagoli amathathu. Bahlele ngokubuka lowo mdlalo, bavala umuntu otshala amabhola uNdlondlo, uSaleng uzosala egijima. Anginankinga noSaleng kodwa ibhola lidinga ingqondo…” kuchaza uKhanye.
“IPirates ibizodlala ngoSaleng, obengena ngaphakathi bese evulela uMonyane isikhala sokuthi angene ngemuva kwezitobha. Kodwa indlela iChiefs ehlele ngayo ikwazile ukulinqanda leli cebo. IChiefs ibidlala ngabadlali abathathu emuva, anginandaba abanye bathini, kodwa uHlanti ubephusha kusale uKwinika, Dove noSolomons, uBlom wenze umsebenzi oncomekayo elekelela esikhaleni ebesishiywa wuHlanti.”
UKhanye uthe ngokubona kwakhe uBlom ubeyi-man of the match ngendlela adlale ngayo kulo mdlalo.
Uqhube wathi uDu Preez ube nomdlalo omuhle esiwombeni sokuqala futhi bekumele kuphele umdlalo enamagoli amabili.
Ebuyela kwiPirates ubuze ukuthi kungani kusebenza uhlangothi olulodwa uma ihlasela, waphinde wabuza ukuthi kungani uDeon Hotto eqaliswa imdlalo ekubeni engayenzeli lutho iBucs phambili.