Umqeqeshi we-Orlando Pirates odabuka eSpain, uJose Riveiro akagculisekanga ngendlela ezakhe ezidlale ngayo kwiSoweto Derby eFNB Stadium ngeSonto.
Ezimnyama zigcine zishaywe ngo 1-0 kulo mdlalo ngegoli elivalelwe wuYusuf Maart esiwombeni sesibili, kodwa uRiveiro ngemuva komdlalo uthe bekumele okungenani uphele zibambene ngo 0-0 ngoba omabili amaqembu awadlalanga kahle.
URiveiro, obeshaywa okwesine kwiDStv Premiership, uthe akazi abadlali bebengenwe yini ngoba kumele ngabe sebejwayele ukudlala phambi kwenkundla egcwele.
“Kunzima ukwazi yini ethikameze abadlali, ngicabanga ukuthi sesijwayele ukudlala enkundleni egcwele abalandeli.”
“Kuhle ukudlala enkundleni egcwele, noma kwenza umsebenzi wakho ube nzima, ngisho unompempe uma eshaya impempe ibuye ingazwakali, kodwa ke njengoba ngishilo bekumele senze kangcono phambi kwabalandeli abawu-90 000,” usho kanje.
URiveiro uthe kuleli sonto bazohlaziya ukuthi yini abangayenzanga kahle ngaphambi kwe-final yeMTN8 naMaZulu.
“Akuvamile ukuthi udliswe yinto eyodwa emdlalweni, kwenzeka izinto eziningi, ezinye izinto awukwazi ukuzilawula. Ngokwami umdlalo bekumele uphele ngo 0-0, sidliwe yigoli elihle kuphela nje.”