Inkakha yeManchester United, uGarry Neville, uthi iRed Devils isikulungele ukulwela ukubuyela kwiChampions League.

Ngokubona kwakhe, iqembu eliphekwa wu-Erik ten Hag libukeka livuthwa futhi selingawagudluza amanye amaqembu angene kwitop 4 ngesizini edlule.

“Ngicabanga ukuthi sebengayigudluz iChelsea, Liverpool neSpurs. Bengingeke ngikusho lokhu emasontweni amane edlule,” usho kanje ngemuva komdlalo i-United ewunqobe ngo 1-0 ibhekene neWest Ham. I-United ikhuphukele kunombolo 5 ngalo mphumela.

Ngesikhathi kuqala isizni ngo-August uNeville wathi ngeke ingene kwi-top 4 i-United uma ingaqinisi isikwati ngomgadli noDe Jong, owagcina eqoke ukukhuhla ibhentshi kwiBarcelona.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTen Hag uthe ujabule ngendlela abadlale ngayo kodwa akeneme ngomphumela ngoba ubefisa ukuthi ezakhe zithole elinye igoli.