Owayengumdlali weKaizer Chiefs osehlaziya ibhola, uJnr Khanye, uthi umqeqeshi we-Orlando Pirates wenze iphutha ngokubeka uNdabayithethwa Ndlondlo ebhentshini emdlalweni wabo neMamelodi Sundowns.

UKhanye usigxekile isinqumo sikaJose Riveiro sokushintsha iqembu eliwinile emdlalweni odlule, ekhala kakhulu ngokuqaliswa kwama-defensive midfielders amathathu emdlalweni wangoMgqibelo.

“UNdlondlo ushaye igoli elihle bebhekene neGolden Arrows ebeke uMonare yedwa kwi-defensive midfield. Baphinde bawina ngo 2-0 bedlala neMarumo Gallants. Ulishintsheleni iqembu eliwinile? Yikho ngibuye ngithi iPirates inabadlali ayinamqeqeshi,” kusho uKhanye.

“Uphethe uMosele, Monare noTimm, bobathathu bangamagwala. UXoki, uSibisi nonozinti bashaye amaphasi amaningi kunabo ngoba bayasaba ukubiza ibhola. Ikore kanjalo iSundowns.”

UKhanye uqhube wagxeka iSundowns ngokungadlali kahle kulo mdlalo, wathi uRhulani bekumele akhethe oyedwa phakathi kukaPeter Shalulile noCassius Mailula. Uthe esiswini uThemba Zwane noTebogo Mokoena nabo abadlalanga ngezinga abajwayele ukulikhombisa.