Iyanda ingcindezi kumqeqeshi weLiverpool, uJurgen Klopp, kulandela ukushaywa kwezakhe ngo 3-0 zibhekene neWolves ngempelasonto.

Bekungokwesikhombisa iLiverpool ishaywa kule sizini, ihleli kunombolo 10 kwilog yePremier League isele ngamaphuzu awu-11 kwiqembu elikunombolo 4. ILiverpool izobhekana nomqansa uma ifisa ukubuyela kwiChampions League ngesizini ezayo njengoba isaqhubeka nokudedela amaphuzu. Emdlalweni emine edlule iLiverpool iqoqe iphuzu elilodwa.

Ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo, uKlopp ukhiphele ulaka lwakhe kwintatheli eyodwa anqabe ukuyiphendula imubuza ngesimo somqondo sabadlali.

“Kunzima ukukhuluma nawe uma ngikhuluma iqiniso. Ngincamela ukungakukhulumisi. Uyasazi isizathu salokhu; izinto ozibhalayo. Uma omunye efuna ukubuza lo mbuzo ngizowuohendula,” kuchaza uKlopp.

Echaza ngokubhaxabulwa yiWolves uKlopp usole amaphutha abadlali bakhe.

“Sizidlisele emzuzwini ewu-12 uqalile umdlalo. Kuleli zinga akuvumelekile lokho. Ningasigxeka ngendlela esidlale ngayo usaqala umdlalo ngoba asidlalanga kahle. Kunzima ukwamukela indlela esidlale ngayo.”

UKlopp ukuvumile ukuthi iqembu lakhe lehlelwe wukuzethemba njengamanje kodwa akalilahlile ithemba.