Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos imjabulisile indlela adlale ngayo uThemba Zwane kwiBafana Bafana ngesikhathi inenebula iSierra Leone ngo 4-0 eFNB Stadium ngoMgqibelo.

UZwane ushaye amagoli amabili kulo mdlalo, amanye avalelwa wuMihlali Mayembela no-Aubrey Modiba. Ekhuluma ngemuva komdlalo uBroos uncome indlela uZwane adlale ngayo kulo mdlalo.

“UThemba akadlalanga nje kahle, udlale kahle kakhulu futhi ungijabulisile. Besengishilo vele ukuthi isithutha kuphela esingawuquli umqondo. Bengazi uwumdlali omuhle, kodwa ngesikhathi siqala besifuna ukunikeza abadlali abancane ngeminyaka ithuba, kodwa ubelokhe elikhuphula izinga lakhe. Mhlawumbe uyena ebesishoda ngaye sonke lesi sikhathi.

“Kodwa ke akumele sijabule ngokweqile. Besingadlala neFrance, Ghana noma iMorocco, kodwa udlale kahle kakhulu uZwane.”

UBroos uqhube