Umgadli waseBrazil owayedlalela iManchester City, osedlalela i-Arsenal, uGabriel Jesus, usephumele obala ngokungahambisani namaqhinga kaPep Guardiola ngesikhathi esadlala kwiCitizens. Lo mgadli ujoyine i-Arsenal kule sizini kulandela ukutheleka kuka-Erling Haaland kwiCity.
Ngaphambi kokuthi ashiye kuleli qembu, uJesus wayengasavamile ukuqala imidlalo noma ebeyibhakuzisa inethi uma edlala futhi abekho baningi abebengabaza ikhono lakhe. Ekhuluma ngokushiya kwakhe leli qembu uJesus uveze ukuthi nguye owazicelela ukuhamba ngoba engawezwa kahle amaqhinga kaPep.
“Kunendlela ufuna iqembu lidlale ngayo nezinto afuna zenziwe. Kuba kuwe ke ukuthi uyakwamukela loko noma cha. Uma ungakwamukeli uyabonga udlulele kwelinye iqembu,” kuchaza uJesus.
“Ngahambisana nendlela yakhe isikhashana, kodwa kwafika isikhathi la engazitshela khona ukuthi sengifuna okunye. Ngambonga ngakho konke, waqonda izizathu zami.
“Kuhlukile kakhulu kwi-Arsenal. KwiCity abagadli abalithinti ibhola kakhulu, uyakubona lokho uma ubuka imidlalo (yeCity). Uma umgadli sekumele athinte ibhola ubuye angalitholi ngoba uGaurdiola ubephusha umdlali wasesiswini. Ngabona lapho ke ukuthi sekumele ngishintshe iqembu,” kuchaza yena.
Kwi-Arsenal uJesus usevalele amagoli amathathu wathola ama-assist amane kwimidlalo eyisikhombisa.
IGunners izobhekana neTottenham kule mpelasonto.