UJessica Motaung useshayele ihlombe uBobby noKaizer Jnr ngomsebenzi ‘oncomekayo’ abawenzile besayinisa uNesraddine Nabi. Uveza okubenze balanda lomqeqeshi waseTunisia.

UMotaung, ophethe ezokukhangisa kwiChiefs, uthi bese kunesikhathi bethunga umqeqeshi omusha futhi bebengambheki e-Africa kuphela.

“Ngikholwa wukuthi sikwenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi siqashe umqeqeshi ofanele, ozothatha iChiefs ayibeke kwelinye izinga.

“Sesikulindele ngabomvu ukubona umsebenzi wakhe. nqembu azolihlanganisa.

“Kunezinto ezimbalwa ebesizibhekile kumqeqeshi omusha. Besifuna oseke waqeqesha e-Africa, oyaziyo iChiefs futhi oqondayo ukuthi sifuna ukuyaphi. Besifuna umqeqeshi olambele impumelelo, futhi ozoba nomdlandla ngokusebenzela iChiefs.