UThembinkosi Lorch uthi wajoyina iMamelodi Sundowns ngoba efuna ukufeza iphupho lokunqoba iDStv Premiership neCAF Champions League.
ULorch (30) wamangaza abaningi ngoJanuary eshiya kwi-Orlando Pirates, wasayina kumaBrazilians ayephekwa uRulani Mokwena ongasekho.
ULorch ungomunye wabadlali abane abajoyina iDowns ngewindi likaJanuary okubalwa kubo uTashreeq Matthews, Matias Esquivel noZuko Mdunyelwa.
Ekhuluma nezinsephe zeDowns uHlompho Kekana noTiyani Mabunda kwiPitchside Podcast, uLorch udalule izizathu ezamenza washiya kwiBucs.
“Abadlali bangamukele kahle eqenjini, ngizizwa ngisekhaya. Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yeqembu. Ngasayine kwiSundowns nginamaphupho engifuna ukuwafeza.
“Inhloso yami ukuwina iligi neChampions League (CAF). IChampions League iyona engiyifuna kakhulu,” kusho uLorch kwiPitchside Podcast.
UNyoso ushaye amagoli ayisithupha emidlalweni engu-20 ayidlale kwiDowns ngesizini edlule. ULorch uthi ubeyilandela iSundowns kusukela esadlala kwiPirates.
“Bengivele ngiyibukela iSundowns ngesikhathi ngisadlala kwiPirates. Bengisazi isitayela abasidlalayo. Kunobumbano kuleliqembu, abadlali banobudlelwano obuhle. Bengivele ngibona ngiyingxenye yeqembu, yingakho bekulula ukujwayelana nabadlali,” kubeka uLorch.
UNyoso uthi ukudlala kwiChampions League njalo ngonyaka yisona isizathu esimholele kwiDowns.
“Akukho okushintshile ngami. Ngisasebenza ngokuzikhandla. Ngijabule ngokuba kwiMamelodi Sundowns.
“ISundowns yiqembu ebengivele ngilithanda. Kunombango wejezi kuleliqembu futhi lidlala kwimiqhudelwano eminingi. IDowns igijima kwiChampions League njalo ngesizini, lokho kungenza ngiziqhenye ngokuba yingxenye yeqembu,” kubeka uLorch.